30 Aug 2026, Sun

UNtokozo we-Ntokozo Cars Uthi “Kunzima Ukuduma Ungenamali!”

UNtokozo we-Ntokozo Cars Uthi “Kunzima Ukuduma Ungenamali!”

Usomabhizinisi uNtokozo we-Ntokozo Cars-Yome Khweqe usekhuthaze ama content creators ezinkundleni zokuxhumana ukuthi azame ukuhlala eqinisweni, eveza ubunzima nengcindezi ehambisana nokuduma ku-Facebook naku-TikTok.

Ekhuluma ngempilo yama-content creators, uthi abantu abaningi banombono wokuthi uma umuntu esedumile, kusho ukuthi unemali futhi uphila impilo ephelele. Nokho, uthi iqiniso lihlukile.

“Bafethu, kunzima ukuduma noma ukuba famous ungenamali,” kusho yena.

Uthi ingcindezi eyadalwa izinkundla ezifana ne-Facebook ne-TikTok yenza abantu babe nokulindela okukhulu ngempilo yabantu abadumile. Abanye balindele ukubona umuntu ephila impilo ephelele, engazi ukuthi ukuduma akusho ukuthi umuntu unemali.

Ngokusho kwakhe, lokhu kwenza kube nzima ngisho nasezindaweni zokusebenza, njengoba umuntu odumile ehlala ebhekwe ngabantu abafuna ukubona ukuthi ngabe impilo yakhe iyafana yini nalokho okubonakala ezinkundleni zokuxhumana.

Uthi bambalwa abantu abakule ndima abaphila impilo eyiqiniso, kanti abanye bagcina sebephila impilo yamanga ukuze bakhe noma bagcine igama labo.

“Uma uke waqala igama ngamanga, sekumele ulikhulise futhi ulimaintain ngamanga,” kuchaza yena.

UNtokozo uthi yena useneminyaka ecishe ibe mibili edlala ku-TikTok, kanti ku-Facebook usezinyangeni ezimbalwa, kodwa uyavuma ukuthi impilo ayilula.

Uthi nakuba esaziwa ngabantu abaningi, usaqhubeka nokuzidayisela izimoto ukuze aziphilise. Uveze ngokusobala ukuthi kukhona izikhathi lapho ukuphila kuba nzima khona, kodwa uyabonga ngokuthi usakwazi ukusebenza futhi athole indlela yokuziphilisa.

“Kwesinye isikhathi, ukuphila impilo eyiqiniso kubaluleke kakhulu kunokuzama ukubukeka sengathi yonke into ihamba kahle.” ,kusho yena.

#isambanenews #izindabazesambane #ntokozocars #yomekhweqe #contentcreators

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *