UTHABANI HLATSHWAYO UYAXOLISA NGOKUKHULUMA KABI NGOBABU NALA NOKHUZANI
UThabani Hlatshwayo usephumele obala waxolisa kuBabu uNala nakuKhuzani Mpungose ngemuva kwamazwi ake wawakhuluma mayelana nemali yeminikelo kaScebi Dlamini.
UThabani uthi ulwazi ayelutholile lwalungelona iqiniso, nokuthi naye wayekholelwa kulokho ayekutsheliwe. Uthi manje useyabona ukuthi wenze iphutha ngokukhuluma ngalolu daba engakaqinisekisi kahle ukuthi ulwazi alutholile luyiqiniso yini.
Uphinde wavuma ukuthi bekufanele aqale aqinisekise amaqiniso ngaphambi kokwenza izitatimende ngalolu daba.
#IsambaneNews #IzindabazeSambane #news #izindaba #thabanihlatshwayo

