Isiphepho sonakalise izikole ezingaphezu kuka-20 eNorth West
Isiphepho esinamandla sonakalise izikole ezingaphezu kuka-20 esifundazweni saseNorth West phakathi kuka-4 no-5 Septhemba 2026. Uphahla lwezinye izikole luphephukile, kwathi namakilasi angomahamba nendlwana acekeleka phansi.
UMnyango wezeMfundo uthi amaqembu ezengqalasizinda azothunyelwa ezikoleni ezithintekile ukuze ahlole umonakalo futhi athole izindlela zokuqinisekisa ukuthi ukufunda nokufundisa kuyaqhubeka.
UNgqongqoshe wezeMfundo eNorth West, uDkt Desbo Mohono, uthe ukuphepha kwabafundi nothisha kuyinto ebaluleke kakhulu. Umonakalo uza ngesikhathi lo Mnyango usazama ukubhekana nezikole ezintathu ezisanda konakala ngenxa yomlilo.
UMnyango uthi inani lezikole ezicekeleke phansi lingase lenyuke, njengoba kusalindwe eminye imibiko evela koThishanhloko.

