10 Sep 2026, Thu

IMOTO YEMERCEDES-BENZ C200 ISHE YANGQONGQA KU-N2 EBLACKBURN

IMOTO YEMERCEDES-BENZ C200 ISHE YANGQONGQA KU-N2 EBLACKBURN

Imoto yohlobo lwe Mercedes-Benz C200 ishe yaphela ku-N2 eBlackburn, KwaZulu-Natal, namuhla ngoLwesine, mhlaka 10 Septhemba 2026.

Amalungu e-Reaction Unit South Africa (RUSA) kanye nabezimo eziphuthumayo be-RUSA Paramedics bathunyelwe endaweni yesigameko ngezithuba zabo-11:48, ngemuva kokutholwa kwezingcingo eziningi kubashayeli abebedlula, ababika ngemoto ebivutha.

Kuthe kufika abezimo eziphuthumayo kwatholakala ukuthi ingxenye yenjini ibigcwele amalangabi.

Amalungu omphakathi azamile ukucisha umlilo esebenzisa izicishamlilo, kodwa umlilo wasabalala ngokushesha wagcwala yonke le moto.

Umshayeli uthe uqale wabona intuthu iphuma ohlelweni lokungenisa umoya emotweni. Ube eseyimisa eceleni komgwaqo wazama ukuvula ibhonethi ukuze abone ukuthi yini inkinga, kodwa imoto yagcina isiqhuma amalangabi.

I-eThekwini Fire & Rescue Services ifike ngokushesha endaweni yesigameko yacisha umlilo.

Okubalulekile ukuthi bonke abantu abane (4) abebesemotweni bakwazile ukuphuma ngesikhathi futhi abekho abalimele. 🙏🏽

Imoto yona igcine yonakale kakhulu ngenxa yomlilo.

#IsambaneNews #IzindabazeSambane #KZN #N2 #Blackburn #VehicleFire #News

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *