14 Sep 2026, Mon

KUDUTSHULWE KWASHONA UMFUNDI ESIKOLENI SAKWA NDENGEZI

KUDUTSHULWE KWASHONA UMFUNDI ESIKOLENI SAKWA NDENGEZI

Kubikwa ukuthi uSphelele Ngubane udutshulwe wabulawa esikoleni sakwaNdengezi namhlanje.

Ngokwemininingwane, umuntu osolwa ngokumdubula kuthiwa ubegqoke iyunifomu yesikole, efake nesifonyo esiveza ingxenye yamehlo kuphela.

Kuthiwa lo muntu ube esondela kuSphelele ngaphambi kokuba kudutshulwe isibhamu, kwathi ngemuva kwesigameko kwasala sekubikelwa abezokuphepha.

Imininingwane egcwele ngokuthi kwenzekeni, ukuthi umsolwa ubaleke kanjani nokuthi yini eholele kulesi sigameko ayikacaci okwamanje.

Isigameko sisaphenywa, kanti neminye imininingwane ingase ivele njengoba kuqhubeka uphenyo.

🕊️ Lala ngokuthula Sphelele Ngubane.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *