UDR MZIMBUKHALIMALI UCELA UJACINTA UKUBA AJOYINE IQEMBU LEZEPOLITIKI NOMA AZAKHELE ELAKHE
UDr Dlamini Mzimbukhalimali usecele umholi wenhlangano iMarch and March, uJacinta Ngobese-Zuma, ukuba acacise ukuthi umi kuliphi iqembu lezepolitiki noma asungule iqembu lakhe ukuze akwazi ukulwela izimfuno ze-March and March esebenzisa inkundla yezepolitiki.
UDlamini uthi imizamo kaJacinta yokumasha nokuzwakalisa izikhalazo zomphakathi ingase ingatholi ukwesekwa okwanele ngenxa yokuthi akazimeli ngaphansi kweqembu lezepolitiki.
Uveze ukuthi kwesinye isikhathi uhlelo lwezepolitiki lungase lungamnaki uJacinta ngoba engelona ilungu leqembu elithile lezepolitiki.
NgokukaDlamini, uma uJacinta engasungula iqembu lakhe noma ajoyine iqembu lezepolitiki elihambisana nemibono yakhe noma ye-March and March, angathola inkundla ebanzi yokuzwakalisa izimvo zakhe, aphinde athole ukwesekwa kwezepolitiki.
Ngakolunye uhlangothi, udaba lwaseDurban High Court beluthinta imashi yeMarch and March, inhlangano ehola imibhikisho emelene nokungena kwabantu kwamanye amazwe ngokungemthetho, iphinde ifune ukuthi kuqiniswe ukulawulwa kwabokufika eNingizimu Afrika.
Isicelo esifakwe nguNgqongqoshe wamaPhoyisa osabambile uFiroz Cachalia kanye noKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi, besifuna ukubekelwa imingcele kwimibhikisho yale nhlangano kulandela izigameko zodlame, ukusabisa nokucekelwa phansi kwempahla ezihambisane nemibhikisho yakamuva eThekwini.
Iziphathimandla beziphinde zizwakalise ukukhathazeka ngezinsolo zokuthi bekunecebo lokushiswa kwesikhungo sababaleki soMnyango wezaseKhaya esikuChe Guevara Road, eBerea.
UJacinta Ngobese-Zuma yena ubelokhu ephikisa isenzo sikahulumeni sokufuna ukuvimba imashi yabo, ethi lokho kuwukuzama ukuphuca abantu ilungelo labo lokubhikisha ngokuthula njengoba kuvunyelwe uMthethosisekelo.
Inkantolo igcine ikhiphe umyalelo wesikhashana obeka imingcele emibhikishweni yale nhlangano, okubalwa kuyo ukungavunyelwa kokuphatha izinduku, ukufihla ubuso kanye nokuzibandakanya nodlame. Iphinde yabeka imikhawulo ezikhathini okungabhikishwa ngazo.
Ijaji uPeter Olsen ligcizelele ukuthi lo myalelo wesikhashana awusho ukuthi inkantolo isithole uMarch and March noma abaholi bayo benecala lokwenza okungalungile. Lolu daba lusazobuyela enkantolo ukuze kuqhubeke ukulalelwa kwezimpendulo zezinhlangothi zombili.
Umbuzo osalayo ngothi: Ingabe uJacinta Ngobese-Zuma kufanele angene kwezepolitiki ngokusemthethweni ukuze izimfuno zakhe zizwakale, noma angaqhubeka nomsebenzi wakhe wokumela umphakathi ngaphandle kokuba ngaphansi kweqembu lezepolitiki?

