31 Oct 2026, Sat

Kuxwayiswa abagembula bengakazifezi izidingo zasekhaya

KHALIPHA NGEMALI YOMHOLO! Kuxwayiswa abagembula bengakazifezi izidingo zasekhaya

Kuxwayiswa abantu abasebenzayo abajwayele ukusebenzisa imali yabo yomholo ukugembula bengakazifezi izidingo ezibalulekile emakhaya abo.

Abantu bayakhuthazwa ukuba baqale ngokubeka eceleni imali yokuthenga ukudla, ukukhokhela irenti, ugesi, amanzi, izindleko zezingane nezinye izidingo zomndeni ngaphambi kokucabanga ngokugembula.

Kuthiwa kuyakhathaza ukubona abanye abantu bethola amaholo kodwa bagcine sebephelelwe yimali ngenxa yokuyisebenzisa ekubhejeni, benethemba lokuthi bazowina imali eningi.

Kodwa-ke, ukugembula akusiqinisekiso sokwenza imali, futhi umuntu angalahlekelwa yikho konke abekuholile.

Abasebenzi bayelulekwa ukuba bahlele indlela abasebenzisa ngayo amaholo abo, bagweme ukugembula ngemali yezidingo zasekhaya futhi bangabeki ikusasa lemindeni yabo engcupheni ngenxa yokufuna ukuwina imali.

0800 006 008 – Shayela mahhala, amahora angu-24 ngosuku, izinsuku eziyisikhombisa ngesonto.

WhatsApp: 076 675 0710

Lezi zinombolo zinikeza usizo lwamahhala noluyimfihlo kubantu abanenkinga yokugembula nasemindenini yabo

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *