Umshayeli wendiza uNqobile Biyela, 23, kanye nabagibeli ababili, abashone kabuhlungu kulandela ukuduka kwendiza abebehamba ngayo.

Umphakathi wezamabhanoyi ukhala ngokulahlekelwa ngumshayeli osemncane uNqobile Biyela (23) nabagibeli ababili abashone kabuhlungu kulandela ukuduka kwendiza abebehamba ngayo.
Indiza isuke esikhumulweni sezindiza iVirginia ngeSonto kanti kubikwe ukuthi ilahlekile isendleleni eya lapho belibangise khona, yatholakala ngaseMnambithi.

