Unesi oneminyaka engu-30 ubudala unyamalale ngemuva kokuvakashela owesilisa
AMAPHOYISA aseKapa athungatha unesi oneminyaka engu-30 ubudala onyamalale evakashele owesilisa eSamora Machel ngoMgqibelo, 31 May7.
ULondiwe Pretty Mnyandu, osebenzela eBellville, ushiye lapho ayesebenzela khona nozakwabo kodwa akaphindanga wabonwa.

Amaphoyisa aseBellville acela usizo lomphakathi ukuze kutholakale uLondiwe Pretty Mnyandu, 30, owagcina ukubonakala ngoMgqibelo zingu-31 kuNhlaba-2025.
Ulwazi luveza ukuthi uLondiwe uphume lapho ayesebenza khona ngoMgqibelo nozakwabo elibangise eSamora Machel eyovakashela owesilisa amaziyo. Kuze kube manje akakabuyeli lapho esebenzela khona eBellville. Ngesikhathi enyamalala ubebonakala egqoke umfaniswano womhlengikazi.
Kucelwa noma ngubani ongasiza ngolwazi olungaholela ekutheni uLondiwe abuye ephephile athinte umphenyi uDetective Sergeant Busiswa Ngxafane ku-079 057 6493 noma ashayele iCrime Stop ku-08600 10111.

