Izindaba zeSambane
Isiboshwa sishonele evenini yamaphoyisa
Sekuqalwe uphenyo ngokushona kwesiboshwa emotweni yamaphoyisa i-van eMooi River.
Kubikwa ukuthi u-Eduan Terblanche ubehanjiswa ngeveni yamaphoyisa ngesikhathi eshona ngoLwesibili.
Ubesendleleni eya ezitokisini eMgungundlovu esuka eNkantolo yeMantshi yaseMooi River.
UTerblanche ubesolwa ngokubulala umlingani wakhe, uStacey van Heerden, ehhotela ngenyanga edlule.
“Isiboshwa ebesithuthwa siphuma enkantolo,” kusho okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uRobert Netshiunda.
“Isiboshwa sitholwe sishonile ngaphakathi evenini yamaphoyisa, kuyaphenywa ngezimo ebezingaholela ekufeni.”
#IzindabazeSambane #IsambaneNews #SibuyaNazoZishisa #SibuyaNazoZishisaKwiSambane

