28 May 2026, Thu

Kushone owesilisa ngemuva kokuzishisa yena ngomlilo, isithandwa sakhe kanye nengane yabo (2)

Kushone owesilisa ngemuva kokuzishisa yena ngomlilo, isithandwa sakhe kanye nengane yabo eneminyaka emibili ubudala

Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi aphenya icala lokuzama ukubulala. Isithombe sesitoko.

Owesilisa ushonile ngemuva kokuba ezishise ngomlilo yena, isithandwa sakhe kanye nengane yabo eneminyaka emibili ubudala ngoLwesine eLeslie eMpumalanga.

Ngokusho kwamaphoyisa umsolwa kusolakala ukuthi uzibhulele ngophethiloli kanye nowesifazane obephethe ingane maqede wawokhela. Owesifazane ukwazile ukubaleka endaweni yesigameko wacela izihlobo eziseduze ukuba zibasize.

Umsolwa oneminyaka engu-30 ubudala, ohlonzwe ngelikaJohn Masuku, “usolwa ngokokhela ngomlilo kanye nomlingani wakhe oneminyaka engu-28 ubudala kanye nojahidada oneminyaka emibili ubudala, ngemuva kokusola lo wesifazane ngokungathembeki ngesikhathi bexabana lapho bebehlala khona.

“Kuthintwe abezimo eziphuthumayo, bonke abathathu baphuthunyiswe esibhedlela. Ingane, ngenxa yobunzima bokulimala kwayo, yadluliselwa kwesinye isikhungo sokwelashwa ukuze ithole ukunakekelwa okukhethekile. Ngeshwa, umsolwa ushone efika esibhedlela,” kusho amaphoyisa.

Bakuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokuzama ukubulala.

Umama nengane bayalulama esibhedlela.

UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni u-Maj-Gen Zeph Mkhwanazi usigxekile lesi sigameko wathi abantu kufanele bakhethe izindlela ezakhayo zokuxazulula izingxabano zasekhaya kunokuthi basebenzise udlame lobulili.

“Lesi sigameko siphazamisa kakhulu futhi sigqamisa isidingo sokuxazulula izingxabano ngokuthula. Udlame alulokothi lube yisixazululo, kunezinsiza kanye nochwepheshe abatholakalayo ukusiza labo abacindezelekile.”

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *