Ufuna ibheyili umfundisi waseThekwini osolwa ngokudlwengula ingane
UFUNA ibheyili umfundisi owalahlwa yicala locansi, obhekene necala lokudlwengula ingane encane, ngemuva kokuhlala izinyanga esitokisini.
Umsolwa oneminyaka engu-54 ubudala usolwa ngokudlwengula umfana oneminyaka engu-12 ubudala eBayview, ngaseChatsworth.
Ngo-2019, walahlwa yicala lokunukubeza ngokocansi umfana oneminyaka engu-16, kodwa wathola isigwebo esilengisiwe ngaleli cala.

