Isidumbu sentombazane eneminyaka engu-10 ubudala eduke eLibode ngenxa yezikhukhula sitholwe ngeSonto ekuseni.
Uhulumeni wesifundazwe sase-Eastern Cape uzosingatha usuku lwesililo lwesifundazwe ngoLwesine, lokuhlonipha abashonelwe.
Sitholakele isidumbu sentombazane eneminyaka engu-10 eyalahleka eLibode, e-Eastern Cape, nokwenza isibalo sabashonile sifinyelele ku-88 ngenxa yezikhukhula zaseMthatha.
UHulumeni wesiFundazwe sase-Eastern Cape ngeSonto ekuseni uthe ezidumbu ezingu-88 osekuphothulwe kuzo, ezingu-83 zihlonzwe yimindeni kanti ezinhlanu azikakahlonzwa.
“Zibalelwa ku-56 izidumbu ezikhishelwe imindeni ekupheleni kosuku ngoMgqibelo. Uhulumeni wesifundazwe usaxhumana nemindeni ethintekile ukuze uhlinzeke ngezidingo kanye nokweseka ngokwengqondo,” kusho uhulumeni wase-Eastern Cape esitatimendeni.

