28 May 2026, Thu

Usinde befuna ukumsoconga umholi weqembu le-Action SA eKZN uZwakele Mncwango

 

Usinde befuna ukumsoconga umholi weqembu le-Action SA eKZN uZwakele Mncwango

Kumisiwe ukwethulwa kwegatsha le-ActionSA kuWadi 25 (Kennedy Road) eThekwini ngemuva kwesigameko sokudubula lapho isibhamu siqhume kathathu.

Ukwethulwa komcimbi bekuhanjelwe nguMengameli weqembu, uMnuz Herman Mashaba kanye noMholi waKwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango. Umdubuli wehlulwe ngamandla, waphucwa izikhali wabe esenikelwa emaphoyiseni aseSydenham.

UMncwango ubhekene nezinsongo ngemuva kokuvundulula inkohlakalo nokuveza ukungawazi umsebenzi eMnyangweni wezeMpilo esifundazweni ngaphansi kukaNgqongqoshe uNomagugu Simelane-Mngadi, kanye noMnyango wezeMfundo ngaphansi kukaNgqongqoshe uSipho Hlomuka, bobabili be-ANC.

UMncwango uphinde wasatshiswa ngesikhathi ekhuluma ngenkohlakalo eyihlazo kumasipala weTheku (ANC) nakumasipala wesifunda saseZululand (IFP) enyakatho yeKwaZulu-Natal

UMncwango uqinisekise lezindaba ekhasini lakhe likaFacebook namuhla:

UMengameli weqembu le-Action SA UMnu Herman Mashaba uyaphawula ngaloludaba

 

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *