Izigebengu ebezihlomile zebe amaselula nemoto yomfundisi ngemuva kokugasela emthandazweni wasebusuku esontweni eMpumalanga
Amaphoyisa aseMpumalanga avule icala lokugetshengwa ngemuva kokuthi abasolwa abebehlomile begasele esontweni ngesikhathi kunomkhuleko wasebusuku eNumbi ezintatha zangoMgqibelo.
Ngokusho kwamaphoyisa, bekungakaboshwa muntu.
Abazalwane bebehambele inkonzo yomthandazo ubusuku bonke esontweni iThe Moving Ministries of God ngesikhathi kungena amadoda amahlanu angaziwa abegqoke amabhalatlava
Okhulumela amaphoyisa, uLt Colonel Jabu Ndubane, uthe abasolwa bebehlome ngezibhamu basabise abazalwane base bebaphuca omakhalekhukhwini abangu-11, izikhulisa-zwi ezimbili nezikhiye zemoto yomfundisi.
“Izimpahla ezebiwe zilayishwe emotweni yohlobo lwe-Audi Q3 SUV emhlophe enenombolo yokubhalisa i-KFM 302 MP, abasolwa abayisebenzisele ukubaleka endaweni yesigameko. Imoto ayikatholakali okwamanje, kodwa imizamo yokulandelela isaqhubeka ngenkampani yakwaCartrack,” kusho uNdubane.
Ibamba likaKhomishana wamaphoyisa esifundazweni uMaj-Gen Zeph Mkhwanazi usigxekile lesi sigameko.
“Sikhule sazi ukuthi indlu yeNkosi iyindawo engcwele okufanele ihlonishwe. Kuyakhathaza kakhulu ukuthi izigebengu manje zihlasela amabandla ngesibindi. Sinxusa abazalwane ukuba bahlale beqaphile, ikakhulukazi uma kunemibuthano yasebusuku, ukuze baqinisekise ukuphepha kwabo futhi bagweme ukuba yizisulu zobugebengu obunjalo.”
UNdubane uthe abekho abantu abalimele ababikiwe ngesikhathi sesigameko futhi akukho sibhamu esidutshuliwe.
“Kunxuswa noma ngubani ongaba nolwazi ngokutholakala kwabasolwa ukuthi athinte uDet Capt David Hlatshwayo ku-0722337530,” esho.

