Inhlangano iBlack Coffee Foundation iqoqe u-R500 000 ukusiza labo abakhahlanyezwe yizikhukhula zase-Eastern Cape
ISIHLABANI saphesheya kwezilwandle esidabuka eNingizimu Afrika, u-DJ Black Coffee, useze wasiza abakhahlanyezwe yizikhukhula e-Eastern Cape.
Babalelwa ku-90 abantu asebeshonile kulandela isimo sezulu esibi nezikhukhula esifundazweni. Abatakuli bathi babalelwa ku-10 000 abantu abasale dengwane, kwathi izindlu ezingu-3 000 zilimele noma zacekeleka phansi. Okungenani bangu-1 500 asebethuthelwe ezindaweni zokukhosela zesikhashana emahholo omphakathi nakwezinye izakhiwo.
Inhlangano yalo mculi, iBlack Coffee Foundation, yesihamba phambili selokhu kuphume abantu okokuqala, sinikezela ngokudla, izingubo zokugqoka, nezindlu zangasese kulabo abalahlekelwe yikho konke ngenxa yezikhukhula.
“Ubuhlungu nokulahlekelwa kwaseMthatha kusithwesa kanzima sonke. Sithumela amazwi enduduzo emindenini eshonelwe. Imizamo yethu yokusiza isaqhubeka, sihlinzeka ngezinto ezibalulekile kulabo abathintekile – umusa wenu yikho okwenza lokhu kwenzeke,” kusho isitatimende.
NgoMgqibelo ibisiqoqe u-R500 000 womnikelo wemindeni ekhahlanyezwe yizikhukhula eMthatha.

