Usonkontileka obethunjiwe utholwe engenamyocu eGqeberha
Imenenja yezokwakha, uVictor Themba Ngcobo, itholwe ngoMsombuluko ngaseGqeberha. Abathumbi bakhe bamdedele engenamyocu. Asikho isihlengo esakhokhwa.
Udedelwe ngoMsombuluko ekuseni eduze kwalo mgwaqo athunjwe kuwo, kuqinisekisa iTimesLIVE.
“Ayikhokhwanga imali, abathumbi bavele bamehlisa eduze kuka-R335. Amaphoyisa athe adlula ambona, amthatha amyisa endaweni lapho abanye ozakwabo bebesebenza khona ngeholidi. Ozakwabo bathi ubekhala ezimathonsi ngesikhathi ephuma emotweni yamaphoyisa,” kusho umthombo.
Ngaphandle kokunaba, oKlebe e-Eastern Cape bakuqinisekisile ukuthi “owesilisa oneminyaka engu-38 ubudala okusolakala ukuthi uthunjwe amadoda amabili angaziwa” utholwe ngoMsombuluko ekuseni.
“Isisulu, esisebenza njengemenenja yezokwakha, sitholakale singenamyocu futhi besingakalimalanga,” kusho okhulumela isifunda uLt-Col Avela Fumba.
Uthe ithimba labaphenyi liyaluphenya lolu daba ukuze kutholwe izimo ezigcwele mayelana nokuthumba kanye nokuqinisekisa ukuthi abathintekayo babhekana nengalo yomthetho ngokushesha.
“Sicela noma yimaphi amalungu omphakathi angaba nolwazi olungasiza ekusheshiseni uphenyo ukuba eze ngaphambili. Lonke ulwazi luzophathwa ngokuyimfihlo futhi lunganikezwa ngokungaziwa kusetshenziswa i-app ye-MySAPS,” esho.

