8 Apr 2026, Wed

IPhini likaMengameli uPaul Mashatile uthi uhulumeni kumele akhuthaze abantu abasha ukuthi bazisungulele amabhizinisi abo

IPhini likaMengameli uPaul Mashatile uthi uhulumeni kumele akhuthaze abantu abasha ukuthi bazisungulele amabhizinisi abo

IPhini likaMengameli uPaul Mashatile uthi uhulumeni kufanele akhuthaze abantu abasha ukuthi bazisungulele amabhizinisi njengendlela yokuqeda ububha kanye nokuntuleka kwemisebenzi kwentsha.

UMashatile uthe uhulumeni usezibekile izinhlelo zokuxhasa ngezimali intsha efuna ukuziqalela amabhizinisi.

Uthe uhulumeni useze wasungula isikhwama sokuxhasa ngezimali amabhizinisi namabhizinisi abantu abamnyama aphethwe abantu abaqhamuka emaqenjini abencishwe amathuba phambilini.

Ukubamba iqhaza kwentsha kwezomnotho
UMashatile ubekhuluma ngoMsombuluko ngesikhathi somcimbi wokukhumbula uSuku Lukazwelonke Lwentsha eRag Farm Stadium ePotchefstroom, eNyakatho Ntshonalanga.

Ukhulume ngaphansi kwendikimba ethi: “Skills for a Changing World—Embracing Youth for Meaningful Economic Participation”.

UMashatile ujoyinwe nguNdunankulu waseNorth West uLazarus Mokgosi, uNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko uGayton McKenzie nabanye ongqongqoshe kuhulumeni wobumbano kuzwelonke (GNU).

Enkulumeni yakhe yosuku uMashatile uthe iqiniso wukuthi intsha eningi eNingizimu Afrika ayiphili ikusasa abebelilindele.

“Babhekene nezinga eliphezulu lokuntuleka kwemisebenzi, ukungalingani kanye nokungafinyeleli kwamathuba.Lokhu ikakhulukazi emhlabeni wedijithali.Singuhulumeni, siyavuma ukuthi, kulaba bantu abasha, iqiniso labo lihlala lingamukeleki, lingathandeki, futhi alinakusimama.

“Kumele silungise izinselelo zesakhiwo emnothweni. Sidinga ukubhekana nokungalingani kanye nokungafani kwamakhono phakathi kwezemfundo nalokho okudingwa imakethe yemisebenzi,” kusho uMashatile.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *