28 May 2026, Thu

Ukushiya kukaSelby “Selbeyonce” Mkhize emsakazweni Ukhozi FM kubashaqisile abalaleli

UMSAKAZI ushiya Ukhozi FM ngemuva kweminyaka engu-13.

Ukushiya kukaSelby “Selbeyonce” Mkhize emsakazweni Ukhozi FM kubashaqisile abalaleli.

USelby, ojoyine umsakazo Ukhozi  FM ngonyaka ka-2012, kanti uzokwethula uhlelo lwakhe lokugcina ngoLwesithathu, 18 Juni.

Ubeshayela uhlelo lwantambama, iWoza Nabangani Bakho ehambisana noTshatha Ngobe, futh wawina nendondo ye-Afternoon Drive Presenter Award kuma-SA Radio Awards ngo-2023.

USelby waqala uhambo lwakhe noKhozi eyingxenye ye-Umnyakazo Top 20 ngo-2012.

Ngo-2014, uthole inkontileka esemthethweni kuWoza Nabangani Bakho, ephatha izinhlelo njalo ngoMsombuluko nangoLwesihlanu futhi wamukelwa eqenjini ngokugcwele ngo-2015.

USelby ukuqinisekisile ukuthi uyalushiya Ukhozi futhi akukho ukungaboni ngaso linye okube khona phakathi kwakhe nesiteshi so msakazo ukhozi.

 

“NgoLwesithathu, 18 June kuzobe kuwuhlelo lwami lokugcina emsakazweni Ukhozi FM. Alikho igazi elibi kodwa sekuyisikhathi. Sengihlale kulo msakazo iminyaka engu-13,” kusho yena.

Umphathi webhizinisi kuKhozi FM, uLwazi Mthabela ukuqinisekisile ukuthi uSelby uyashiya kulo msakazo.

“USelby ubeyilungu elibalulekile lomndeni wethu, ukuzinikela nomdlandla wakhe kube nomthelela omkhulu empumelelweni yomsakazo, ubemele umsakazi woKhozi FM ngokuzigqaja nangobungcweti, wawina izindondo futhi wathinta izinhliziyo zabaningi.

“Siyaziqhenya kakhulu ngokukhula nokusebenza kanzima kwakhe ekwakheni igama lakhe futhi siyameseka ngenhliziyo yonke njengoba eqala lesi sahluko esisha esijabulisayo. Simfisela konke okuhle emizamweni yakhe yesikhathi esizayo,” esho.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *