I-JOZI FM 105.8 IVALWE ONogada Abahlomile Phakathi Kwengxabano Yobuholi
Kushube kakhulu isimo sokungaboni ngasolinye kwezokuphatha esiteshini somsakazo womphakathi iJozi FM 105.8, njengoba kubikwa ukuthi isiteshi sivalwe onogada abahlomile.
Ngokwemibiko, onogada kuthiwa benza lokhu ngemiyalelo ka-CEO omisiwe, uMpho Mhlongo, futhi kubikwa ukuthi bavimbe u-Acting CEO, uCollen Hans, ukuthi angene emagcekeni esiteshi.
Kuthiwa uFan Masango naye usexoshiwe emsebenzini ngokushesha. Isinqumo sokumxosha kuthiwa sikhishwe ngu-HR Executive uRachel Nkosi.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi iBhodi yeSoweto Media Resource Centre (SMRC), ehweba ngaphansi kwegama iJozi FM 105.8, imise uMhlongo esikhundleni sakhe mhla zingu-10 kuNcwaba 2026. Ibhodi labe seliqoka uHans njenge-Acting CEO kusukela ngalolo suku.
Lesi sinqumo kuthiwa sathathwa ngaphansi kweResolution BR/2026/24, kwathi uHans wanikwa umsebenzi wokuqinisekisa ukuthi ukusebenza kwansuku zonke kwesiteshi kuyaqhubeka ngaphandle kokuphazamiseka.
Ibhodi liphinde lathi ushintsho lobuholi luhambisana nezidingo zokulawulwa kweziteshi zokusakaza, okubalwa kuzo i-ICASA TOR 5.1.3(c) kanye ne-High Court Order yangomhla zingu-21 kuNtulikazi 2026.

