Kunxuswa uNgqongqoshe womnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMnu Velenkosini Hlabisa ukuba ajezise izimeya ezingamahlongandlebe nezikhulu zomasipala
‘Akekho umeya oke wathweswa icala … sibona uhulumeni enza isabelomali ngamabomu ukuze ahluleke’
UHlabisa umemezele ukuthi ulindele ukubambisana okukhulu emphakathini wonke njengoba ukubuyekezwa kuzosebenza ukuze kube nomthelela ekubuseni, ukuxoxisana nomphakathi, kanye nokuthuthukiswa kwenhlalakahle yezomnotho.
“Kukhombisa ukuzibophezela kukahulumeni ekwenzeni ngcono ukubusa kwasekhaya kanye nokulethwa kwezidingongqangi, okubalulekile ukuze kube nentando yeningi ngempumelelo nokwaneliseka kwezakhamizi. Sibeka eqhulwini ukuxoxisana okubandakanya wonke umuntu ngokuqinisekisa ukuthi wonke amazwi, ikakhulukazi lawo ayethuliwe emlandweni, ayazwakala. Sihlose ukuhlinzeka amaqembu akhishwe inyumbazane, njengabadayisi abangekho emthethweni, abesifazane, intsha, abaholi bendabuko namaKhoi-San, nabaholi basemakhaya kanye nethuba lokubamba iqhaza kwemiphakathi yasemakhaya.”
Uthe lokhu kubuyekezwa kuhlose ukwakha uhlaka lwesimanje lokubusa kwendawo olukhuthaza omasipala abanekhono, abaqotho nabanobuhlakani obusha, ekugcineni kuthuthukiswe izimpilo futhi kuqinise intando yeningi.
Umnyango umemezele ukuthi uzibophezele ekufakeni izicelo zokuthi kuxoxwe okwengeziwe, okuholele ekwandiseni umnqamulajuqu waba nguJulayi 2025.
“Inhloso yethu wukusungula uhlelo lohulumeni basekhaya olusabelayo oluhlangabezana nezidingo zabo bonke abantu baseNingizimu Afrika futhi lulethe izinsiza ezisezingeni eliphezulu.Sesibe nenqubekelaphambili ekufezeni ukungenelela okuhlosiwe komasipala abacindezelekile.Lokhu kungenelela kuhlanganisa ukulungiswa kwengqalasizinda nokwesekwa kwentuthuko, okwenza omasipala bakwazi ukubhekana nokusalela emuva kokulethwa kwezidingongqangi emanzini, ugesi, imigwaqo kanye nokuthuthwa kwendle.
“Siphinde siqhubekisele phambili izinguquko ezibalulekile zenqubomgomo kanye nemithetho ebeka isisekelo sokuzinza kwesikhathi eside kanye nokubusa okuthuthukisiwe. Ukungenelela kwethu kuqondiswa ukucutshungulwa ngokucophelela kwezidingo zomasipala, futhi sizibophezele ekuqinisekiseni ukuthi ukwesekwa kwethu kuyasebenza futhi kuyasimeme.”
Ngokusho kukangqongqoshe, isu lesabelomali somnyango wakhe lethula inqwaba yezinhlelo ezihlosiwe nezihlukene, eziholwa wukuhlolwa ngokucophelela kwezidingo zomasipala.

