Owesilisa oboshelwe icala angalenzanga lokuthumba ufuna igama lakhe ligezwe
‘Ngifuna bahlanze igama lami’
Lesi isicelo esifakwe emaphoyiseni nguJustice Moshoeshoe waseWepener eFree State ngemuva kokuboshwa kungafanele futhi eyamaniswa nokuthunjwa kukaKamogelo Baukudi, 19.
Kuboshwe abantu abahlanu ngoLwesihlanu ngesikhathi kutholakala uBaukudi, omunye wabo nguMoshoeshoe.
Uthi usize uBaukudi ngesikhathi ephumela ngaphandle kwekhaya lakhe eWepener eningizimu yeFree State ngoLwesihlanu.
Kodwa uMoshoeshoe nabangane bakhe bazithola sebevalelwe.
Umile kwelokuthi usize uBaukudi ngesikhathi ephumela ngaphandle kwekhaya lakhe eWepener eningizimu neFree State ngoLwesihlanu.
UMoshoeshoe uthi lokhu kuboshwa kungcolise igama lakhe emphakathini.
“Umphakathi awungithembi, futhi nginebhizinisi lokucwala izinwele, akekho lapha ozophinde angithembe ngezingane zakhe ukuthi ngizozilungisa izinwele,” usho kanje.
Amaphoyisa athi uphenyo ngokuthunjwa kukaBaukudi lusaqhubeka, kanti kungase kuboshwe abanye.
Basathungatha abathumbi, futhi bayaqinisekisa ukuthi abasolwa abahlanu abadedeliwe abaxhumene nalolu daba.

