ISupersport United idayiselwe iSiwelele FC
Ukushabalala kwamaqembu ebhola anomlando onothile sekuphenduke insakavukela umchilo wesidwaba eNingizimu Afrika. ISuperSport International isikuqinisekisile ukudayisa iSuperSport United kuSiwelele FC.
Iqembu lizobe lizinze eBloemfontein, kodwa alisabuyi njengeCeltic. Abalandeli baseFree State, abadume ezweni lonke ngokweseka kwabo, ngeke babe nandaba, inqobo nje uma beneqembu elizobuyela emuva.
Lokhu kudayiswa kwenziwe ngesikhathi kusavaliwe uhlelo lokukhishwa kwamathenda, kusalindwe ukugunyazwa yisigungu esiphezulu sePSL. ISiwelele FC izodlala imidlalo yaso yasekhaya eDr Petrus Molemela Stadium.
UNgqongqoshe wezeMidlalo uGayton McKenzie uyakuphika ukuthi ungomunye wabathengi, kodwa uyavuma ukuthi amalungu omndeni ayabandakanyeka.

