28 May 2026, Thu

‍Kushone owesilisa (49) obehamba ngezinyawo ngemuva kokushayiswa yimoto emgwaqeni

‍Kushone owesilisa oneminyaka engu-49 ubudala obehamba ngezinyawo ngemuva kokushayiswa yimoto emgwaqeni

Kushone indoda eneminyaka engu-49 ubudala ebihamba ngezinyawo ngemuva kokushayiswa yimoto kuTodd Street ngaseRedcliffe – KZN ntambama (ngoMgqibelo).

Amalungu eReaction Unit South Africa (RUSA) abizelwe endaweni yesigameko ngezithuba zabo-17:29 ngumuntu obedlula ngendlela. Ekufikeni kwabo, ama-Reaction Officers athola ukuthi lo mlisa ubehlolwa abosizo lokuqala bophiko lwe-Ambulensi yesiFundazwe. Uthole imihuzuko ebeka impilo yakhe engcupheni kwase kuthiwa ushonile.

Ngokusho komngani wakhe, bebebuyela Osindisweni besuka eMdloti Beach – KZN ngesikhathi umufi eshayiswa yimoto yohlobo lweToyota Tazz eluhlaza.

Umshayeli wemoto akalimalanga.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *