28 May 2026, Thu

Owesifazane udutshulwe wabulawa ngumyeni ngenxa yengubo abeyigqokile

Owesifazane udutshulwe wabulawa ngumyeni ngenxa yengubo abeyigqokile

Kuthiwa bekunomcimbi wokuvalelisa umphathi wase msebenzini kamufi ebusuku, uNkk Ndlovu ubonakale efika egqoke ingubo edonse amehlo abaningi kanti ubezitshela ukuthi uzonconywa ngayo, wabe esethatha izithombe wazifaka kuWhatsApp umyeni wakhe wazibona.

Kuthiwa emuva kwehora kufike umyeni wakhe, wambuza ukuthi ugqoke hlobo luni lukadoti, ingxabano yashuba ngoba lo dade ubephendula kabi futhi inhliziyo yakhe ibuhlungu.

Kusukume omunye ubhuti osebenza nalo sisi wakhuza umnumzane Ndlovu wathi kuye “yeh ndoda yehlisa umoya abantu besifazane bagqoke kanje emsebenzini ngicela ungamoshi umcimbi wethu phuma ngesango ngeke sizwe ngawe manje?”

UNdlovu ubonakale ekhipha isibhamu ngaphansi kwejazi lakhe wadubula umlisa  washona, wabe esedubula nomkakhe washona.

Wabe esephuma wangena emotweni yakhe wazinikela emaphoyiseni.

Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/19ApnSCJoT/

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *