25 Apr 2026, Sat

Owe-MK Party ugqugquzela abantu ukuthi bayeke ukulandela amakhasi eVuma FM ngemuva kokunqanyulwa kwenkontileka kaJacinta Ngobese-Zuma

Owe-MK Party ugqugquzela abantu ukuthi bayeke ukulandela amakhasi eVuma FM ngemuva kokunqanyulwa kwenkontileka kaJacinta Ngobese-Zuma.

Ilungu le-MK Party uSiphiwe Emacous Moyo ugqugquzela abantu ukuthi bayeke ukulandela amakhasi eVuma FM ngemuva kokunqanyulwa kwenkontileka kaJacinta Ngobese-Zuma.

UMoyo ukutsho lokhu ekhasini lakhe leFacebook:

“Ngisanda kuyiyeka iVuma FM
Futhi ngiyasikhuthaza sonke, ikakhulukazi lapha eKZN, ukuthi senze okufanayo. Kufanele futhi sibike ama-akhawunti abo ezinkundleni zokuxhumana ngokudukiswa izeluleko ezingezinhle kanye nokunqanyulwa ngendlela engafanele kwenkontileka kaJacinta MaNgobese Zuma.”

“Lokhu akukona nje ngomuntu oyedwa kodwa wukumelana nokungaziphathi kahle nokuqinisekisa ukuthi izinkundla zomphakathi ziphendula kubantu ababasebenzelayo,” kusho uMoyo.

Lokhu kulandela izindaba ezivezwe nguJacinta Ngobese-Zuma esitatimendeni sokuthi iVuma FM iyinqamulile inkontileka yakhe ngaphandle kwesizathu njengoba kulezinsuku ebonakala ephusha umkhankaso we-March and March wokulwa nokufika kwabantu kuleli ngokungemthetho.

Funda isitatimende sakhe ngezansi:

 

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *