Kuboshwe amaphoyisa amabili ngemuva kokutapa i-washing powder elolini
Kuboshwe amaphoyisa amabili kanye nomhlanzi esiteshini samaphoyisa eModimolle ngezinsolo zokutapa elolini eliphahlazekile nokuzama ukufihla ubugebengu.
Lesi sigameko senzeka esikhathini esingangesonto eledlule ngesikhathi iloli ebelithwele okokuhlanza liphuma ku-R101 ngaseModimolle, lachitha impahla yalo eceleni komgwaqo.
Okhulumela amaphoyisa uMalesela Ledwaba uthe ngesikhathi umshayeli ezama ukuvikela indawo yesigameko, abantu abebebukele baqala bazitapela izimpahla.
Uthi esikhundleni sokungenelela kubikwe ukuthi amaphoyisa amabili abegqoke umfaniswano ajoyine abaphangi, balayisha izihlanzi eziningi emotweni yabo ebhalwe SAPS base bebaleka endaweni yesigameko, kwasala umshayeli weloli.
ULedwaba uthi kuvulwe icala ngemuva kokuthi umshayeli ehlonze abasolwa.
“Abaphenyi ngokuhamba kwesikhathi bathole izimpahla ezebiwe emzini wephoyisa base bexhumanisa umsolwa wesithathu, ongumhlanzi wesiteshi samaphoyisa, nokweba,” engeza.
Bobathathu babekwe amacala okweba kanye nokwephula umthetho.
Kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseModimolle ngoMsombuluko.

