25 Apr 2026, Sat

UJacinta Ngobese ukhala ngeVuma FM ngokunqamula inkontileka yakhe ngaphandle kwesizathu

UJacinta Ngobese ukhala ngeVuma FM ngokunqamula inkontileka yakhe ngaphandle kwesizathu

UMSAKAZI wohlelo olungena ngo-9 ekuseni kuya ku-12 emini phakathi nesonto emsakazweni iVuma FM uJacinta Ngobese-Zuma ukhala ngokunqanyulwa kwenkontileka yakhe neVuma FM ngaphandle kwesizathu.

Abanye abantu ezinkundleni zokuxhumana bathi ukunqanyulwa kwenkontileka yakhe emsakazweni kuhlobene nokuthi ubambe iqhaza emkhankasweni i-March and March wokulwa nokufika kwabantu kuleli ngokungemthetho.

UNgobese uphinde waletha impi yokulwa nelungelo lokufika ngokungemthetho kuleli kuMengameli uCyril Ramaphosa.

Usole umengameli ngokuhlala ethule futhi engenzi lutho kuyilapho abokufika ngokungemthetho bethi benza ngendlela engafanele.

Lokho kungase kube yisizathu sokunqanyulwa kwenkontileka yakhe neVuma FM, kusho abalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana.

USIHLALO we-Action SA KwaZulu-Natal uZwakele Mncwango naye uphawulile ngaloludaba.

 

UJacinta uqinisekise izindaba zokunqanyulwa kwenkontileka yakhe ezinkundleni zokuxhumana

Funda isitatimende sakhe ngezansi:

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *