Amaphoyisa aseKZN athungatha owesilisa waseFolweni osolwa ngokubulala abantu ababili ngesikhathi engaphandle ngebheyili
Amaphoyisa athungatha uZethembe Joyful Mzulwini, 20, odume ngelika-Zwe, ofunelwa icala lokubulala ngesihluku elenziwa ngo-Ephreli 2025.
UMzulwini, ohlala eFolweni, eKZN kubikwa ukuthi waboshwa ngoJanuwari ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni. Udedelwe ngebheyili ngemuva nje kwalokho.
Nokho, ngesikhathi engaphandle ngebheyili, kusolwa ukuthi wabulala izelamani ezimbili ngaphansi kwesimo esingaqondakali ngo-April. Amaphoyisa aKwaZulu-Natal asephume umkhankaso wokumthungatha.
Iziphathimandla zinxusa noma ngubani ongaba nolwazi ngokuthi ukuphi uMzulwini ukuba aphumele obala.


