Ingane enezinyanga ezintathu (3) ubudala yaseKapa idutshulwe yabulawa esigamekweni esihlobene namaqembu ezigelekeqe
Kudutshulwe usana olunezinyanga ezintathu ubudala esigamekweni esihlobene nezigelekeqe eBonteheuwel eKapa. Usana luphuthunyiswe esibhedlela yizakhamuzi ebeziphuthuma ngokushesha.
Kuthiwa ngemuva kwamahora ambalwa ushonile ngenxa yokulimala akuthola.
Ikhansela lewadi, uMnuz Angus McKenzie, usigxekile lesi sigameko wathi makwenziwe ubulungiswa.
UMcKenzie uthi umgwaqo othile unamaqembu amabili ezigebengu ahlala emgwaqeni owodwa.
“Futhi la maqembu amabili ayizimbangi, kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule abelokhu exabene, futhi kusobala ukuthi isizathu sokuxabana siwukulawula ukuhweba kwezidakamizwa kuleyo ndawo. Imiphakathi idonsa kanzima ukukhuluma ngoba uphiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika luyehluleka ukuvikela ofakazi ngakho-ke, abantu babona nsuku zonke ofakazi bethu kwamanye amacala ehlukene bayadutshulwa babulawe,” kusho uMcKenzie.
Umthombo: https://www.facebook.com/share/1DoDBKr2oh/

