18 Apr 2026, Sat

Kudubuleke umfundi, walimala kanzima emcimbini wokuveza amakhono oPhongolo

Kudubuleke umfundi, walimala kanzima ngemuva kwenxabano oPhongolo, KwaZulu-Natal.

Namhlanje (22 August 2025) bekuyusuku lokuveza amakhono ezinganeni zesikole (culture) ,yize kungaphethanga kahle njengoba kulimale umfundi kanzima edutshulwa nokusolakala ukuthi udutshulwe ilunga lomphakathi emvakwenxabano engatheni, yize lo ebedubula ebedubula yonke indawo yabe isithola lomfana omncane (esiligodlile igama lakhe kanye negama leskole)

Abazibonele bathi kuqale kwaliwa ngesibhakela nangamatshe kwabe sekuqhuma isibhamu amahlandla awu -8.

“Ilunga lomphakathi esilithole ngaphathi kwemoto selicashile sabe sesilibuza ukuthi kwenzakaleni, lathi alibonanga kodwa nje yena ubephelezele izingane zakhe zize kuma culture wabe esegcizelela ukuthi uma kuzoba nama culture uyacela kube namaphoyisa ngoba lento isihlala yenzeka ukuthi kuliwe uma sekudlala indlamu (ingomane) yama -high school,ube esebuyela emotweni  ebecashe kuyo ngoba bekusaqhubeka kuliwa nangaphandle kodwa bese zishukana ngesibhakela”, kubika i-Pongolo FM.

Ekuseni kuqale umlilo ongalawuleki ovele washa ubuhanguhangu khona egroundini emagiqweni.

Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/1BNjUNa3oY/

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *