5 Jun 2026, Fri

Owesilisa ubulale intombi yakhe wabe esefaka isithombe sayo sesidumbu ezinkundleni zokuxhumana

Owesilisa ubulale intombi yakhe wabe esefaka isithombe sayo sesidumbu ezinkundleni zokuxhumana

Kwenzeke isigameko esishaqisayo izolo ebusuku e-Ko Dubai Tavern eMaubane, eHammanskraal, lapho kugwazwe khona owesifazane osemncane.

Ngokwemibiko, umsolwa kukholakala ukuthi yisoka lakhe. Okudidayo wukuthi ngemuva kokugwazwa kuthiwa wathwebula umufi elele kugcwele igazi wase efaka le video kuTikTok, engakhombisi kuzisola.

Ekuseni ngovivi, umsolwa kuthiwa uqhubekile nokufaka ama-video amaningi kuTikTok, ekhuluma ngalesi sigameko.

Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/173FvkRL8K/?mibextid=Nif5oz

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *