30 Aug 2026, Sun

AMALUNGA ALAXAZE INFP AJOYINA INKATHA, ASOLA UMONGAMELI NGOKUHLAKAZA IQEMBU.

AMALUNGA ALAXAZE INFP AJOYINA INKATHA, ASOLA UMONGAMELI NGOKUHLAKAZA IQEMBU.

Amalunga asephumile kuNational Freedom Party (NFP), ajoyina iNkatha, athi isizathu sokushiya leli qembu sihlobene nendlela eliholwa ngayo ngaphansi kukaMongameli Ivan Barnes.

Laba asebeshiyile leli qembu basola uBarnes ngokuthi nguye ohlakaza iNFP, bethi ufuna ukuziphathela iqembu ngendlela ayithandayo futhi akafuni ukwelulekwa noma ukuboniswa ngabanye.

Bathi lesi yisona esinye sezizathu ezenze bakhethe ukuhamba kuleli qembu, bathi abasakwazi ukuqhubeka nokusebenza ngaphansi kwesimo abathi asisahambisani nemibono yabo.

Abanye babo bathi ukujoyina iNkatha yisinyathelo abasithathe ngoba befuna ukuqhubeka nomsebenzi wabo wezepolitiki ngaphansi kweqembu abakholelwa ukuthi lizobanika indawo yokusebenza nokubambisana.

#IsambaneNews #IzindabazeSambane #news #izindaba #nfp

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *