UTHIBELA MPUNGOSE UTHI ABADICILELA PHANSI IGAMA LIKA BHUTI WAKHE KUFANELE ABAZIBE.
UThibela Mpungose usephumele obala wakhuluma nabantu abathi bazama ukudicilela phansi igama likabhuti wakhe, uKhuzani Mpungose.
UThibela uthe abantu abakhuluma kabi ngoKhuzani ngenhloso yokufuna ukunakwa kufanele bangaphendulwa, wathi bona njengomndeni bazobaziba.
“Abazama ukudicilela phansi igama likaBhuti ngenhloso yokuthi bafuna ebanake, siwuBhuti sithi Voicemail.” ✊🏽✊🏽✊🏽
La mazwi kaThibela eza ngesikhathi kunezingxoxo eziningi ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana mayelana noKhuzani, ikakhulukazi ezithinta udaba lukaScebi “iNkosi Yamagcokama” Dlamini.
Kukhona abasola uKhuzani ngokuthi kuthiwa nguye owahlohla abaculi bakaMaskandi ukuthi bathathe imali yesoso eyayiqoqwe ngabaculi ngenhloso yokusiza ngezindleko ezazihambisana nokungcwatshwa kukaSipho “Gupta” Mchunu noScebi Dlamini, yaze yanikwa uNala waMathole Funeral.
Lezi zinsolo zisuke zadala ukuthi abanye babalandeli bakaKhuzani nabo bathi kungcono lo mculi aphume aphele ezindabeni ezithinta uScebi, okuhlanganisa nendaba yokuqedelwa kokwakhiwa komuzi wakhe.
Kodwa uThibela ubonakala engafuni ukuthi lezi zinkulumo zibe nomthelela egameni likabhuti wakhe, ethi labo abazama ukumdicilela phansi kufanele bangabanakwa.
Umlayezo wakhe ubonakala ucacile: uma inhloso yabantu kuwukufuna ukunakwa, bona bazobaphendula nge-“voicemail”. ✊🏽🔥
#IsambaneNews #IzindabazeSambane #thibelampungose #khuzanimpungose #scebidlamini

