OWESILISA WASEBENZISA U-R1.3 MILLION WEMALI YAKHE YE-RAF UKULETHA AMANZI EMPHAKATHINI
Usashayalwa ihlombe namanje owesilisa waseMpumalanga ngokusebenzisa ingxenye enkulu yemali ayithola kwiRoad Accident Fund (RAF) ukusiza umphakathi wangakubo owawusuhlale iminyaka eminingi ungenawo amanzi.
Kubikwa ukuthi lo wesilisa wasinda engozini yemoto eyamshiya elimele emlenzeni. Ngemuva kwengozi, kuthiwa wathola isinxephezelo se-RAF esilinganiselwa ku-R3 million.
Esikhundleni sokusebenzisa yonke le mali ezintweni zakhe, lo wesilisa kuthiwa wanquma ukusebenzisa imali engu-R1.3 million ukuze aqale uhlelo lokuletha amanzi emphakathini wangakubo.
Kuthiwa izakhamuzi zakule ndawo zase zihlale cishe iminyaka engu-15 zibhekene nenkinga yokungabi namanzi, okwakwenza ukuthi abantu bahambe amabanga amade beyokha amanzi.
Lo wesilisa wabe esethenga amathangi amanzi, amapayipi nezinye izinto ezazidingeka ukuze kwakhiwe lolu hlelo. Uphinde waqasha abasebenzi futhi waxhuma lolu hlelo nomfudlana wendawo ukuze amanzi akwazi ukufinyelela emakhaya abantu.
Uthi wenze lokhu ngoba efuna ukubuyisela emphakathini wangakubo nokwenza umehluko ezimpilweni zabantu, ikakhulukazi njengoba kubikwa ukuthi umasipala wendawo wawubhekene nezinselelo zezimali ezazenza kube nzima ukuhlinzeka izakhamuzi ngamanzi.
Isenzo sakhe sesenze abaningi bamncoma, bethi ubengasebenzisa imali yakhe yonke empilweni yakhe yangasese, kodwa wakhetha ukusiza umphakathi wonke.
Abantu bathi lesi yisibonelo sokuthi umuntu angasebenzisa amathuba anawo ukwenza umehluko omkhulu emphakathini, ikakhulukazi lapho izakhamuzi zibhekene nezidingo eziyisisekelo ezifana namanzi.
Ukube uthole imali kaRAF engu-R3 million, ubungathatha ingxenye yayo uyisebenzise ukusiza umphakathi wangakini, noma ubungazigcinela yonke imali?.
Yabelana ngombono wakho.
#IzindabazeSambane #IsambaneNews #raf #izindaba #amanzi

