Umasipala waseNewcastle ukhiphe isaziso sokuxolisa ngokungatholakali kwamanzi
Lesi saziso senzelwe ukwazisa izakhamuzi zaseNewcastle West ukuthi uMasipala waseNewcastle uyazazi izinselelo zokuphakelwa kwamanzi ngenxa yokuqhuma kobhobhoyi kunombolo 89 Hathorn Street, Sunset View.
Ukuhlinzekwa kwamanzi kuvaliwe ukuze kuvunyelwe ithimba ukuthi lilungise ukuqhuma kwepayipi kanye nesikhathi sokulinganisa sokubuyisela amanzi amahora amane-4.
UMasipala uxolisa kakhulu ngokuphazamiseka okudalekile futhi uyasibonga isineke nokuqonda kwabo bonke abahlali abathintekile.
Zonke izikhalo ezithinta amanzi nendle zingabikwa ku-087 740 8839, nezikhalo zikagesi ku-034 328 4700 ngezikhathi zomsebenzi. Ngemuva kwamahora, sicela uthinte ku-079 542 8228.
Sicela ulandele umasipala waseNewcastle ekhasini likaFacebook ukuze uthole olunye ulwazi.
Lombiko ukhishwe ngu:
Umasipala Wasekhaya waseNewcastle
Umnyango Wezokuxhumana Nobudlelwano Bamakhasimende

