Umndeni kaSenzo Meyiwa usuphila ngokucela ukudla komakhelwane
Usizi lukhona emndenini walowo owayengunozinti weBafana Bafana njengoba omakhelwane becela abalandeli ukuba balekelele ukuze umndeni kaSenzo Meyiwa uthole ukudla.
Lokhu kulandela ukuthi omunye womakhelwane bakaMeyiwa, ethinteke ngosizi lomndeni, wabhala kwenye yenkundla yezokuxhumana ecela abantu ukuthi basize umndeni walesi sihlabani ngokuthi uyayazi indlela yokuxosha ikati eziko.
Lo makhelwane uthe isimo sibi kangangoba abakwaMeyiwa sebecela ukudla komakhelwane eMlazi kanti ngakolunye uhlangothi umama wekhaya, uNkk Ntombifuthi Meyiwa naye usesimeni esibucayi.
Lo makhelwane uzohlanganisa nengxoxo abe nayo nenye yezingane zakwaMeyiwa ebicindezelekile ngoba izama ukukhombisa abantu ukuthi isimo sibi kangakanani.
Kule ngxoxo omunye umfowabo kaMeyiwa ubhalele umakhelwane ecela imali yokuyobamba amatoho e-Overport eThekwini nokuthenga umuzi.
“Eish bhuti ukhuluma iqiniso nginetoho kodwa ngiyakhulula ngilinda bangifonele ngomgqibelo ngaze bangifonele bathi angize emsebenzini kumele ngiye e-Overport so bengithi ngizoboleka imali yokugibela nawe uyazi ukuthi uma inyanga inje kuzobe kubheda kakhulu mhlampe ungangizama ngemali yokugibela uMeyiwa ungangizama ngemali yokugibela,” kusho uMeyiwa. kumakhelwane.
Ube esenxusa umakhelwane ukuthi atshele unina uma efika nalezi zinto kodwa kwaba sengathi usezilethile ngoba ubezozibona, wathi ubengafuni umama wazo azi ukuthi zicela ukudla emizini yabantu.
Lo mndeni uthwele kanzima selokhu kwabulawa uSenzo Meyiwa ngo-2014 kwaze kwaba uyise, uMnuz Sam Meyiwa, washaywa unhlangothi ngenxa yesimo esingesihle ekhaya nabo bekhala ngomthetho abawubona untekenteke kakhulu ukuthi ungaboshwa ababulali.
Uyise kaSam Meyiwa wagcina ngokushona ngemuva kokushaywa yisifo sohlangothi kodwa wakhala ngokungalungi kokubulawa kwendodana yakhe.
Ngo-2016, uSihlalo wePSL, uDkt Irvin Khoza, wamemezela ukuthi ingxenye ka-R4 million izoya emndenini enye ingxenye yeqembu.
Kunalokho umndeni awutholanga lutho njengoba kuthiwa le mali izoya ezinganeni zikaSenzo Meyiwa.
Imizamo yokuthola unina kaSenzo Meyiwa ayiphumelelanga.
Umndeni ube usuphiwa ukudla ngumculi kaMaskandi uNdlovukazi Daughter naye othinteke ngosizi abelubona ekhaya njengoba kungekho muntu osebenzayo.
Umthombo: https://izindaba.scrolla.africa/sebecela-ukudla-komakhelwane-abakwasenzo-meyiwa-ngenxa-yosizi/?fbclid=IwY2xjawMWl81leHRuA2FlbQIxMQABHuvzLD6oVNY0_e8r9YVQxodyzHOLX76nzX8tvm7pl77liKVHP0ZqhsS02fQX_aem_ucQN28LoMBWtiXTAVApJrA

