AbakwaSassa bazokwethula i-biometrics eyimpoqo kuzwelonke kusukela ngoSepthemba 1
Kuzoholela ekuncipheni okukhulu kwezicelo zomgunyathi kanye nezinkokhelo eziyimpinda
I-South African Social Security Agency (Sassa) izokwethula uhlelo oluyimpoqo lokubhalisa i-biometrics kuwo wonke amahhovisi ayo kusukela ngoSepthemba 1 ngenhloso yokuvimbela izenzo zokukhwabanisa.
I-Sassa ikholelwa ukuthi uhlelo Lokubhaliswa Kwabahlomula Ngebhayomethrikhi – kulabo abathola isibonelelo sikahulumeni abasabuyekezwayo, abafake izicelo ezintsha, nalabo abashintsha imininingwane yomuntu siqu – luzoguqula ukuphathwa kwezibonelelo zikahulumeni futhi luqede noma yikuphi ukuxhunyelelwa okukhona.
Lokhu kuza ngemuva kwezingxoxo eziningi nezinyunyana “ezindabeni eziningi futhi lezi sezixazululwe ngempumelelo, okuvulela indlela entsha yokuthi abakwaSassa baphathe uhlelo oluqinile noluthembekile lwezibonelelo,” kusho isikhulu sakwaSassa uThemba Matlou.
“Izinhlelo zethu bekumele ziqale ngokubhalisela i-biometric enrolment ekuqaleni konyaka wezimali ka-2025/2026, nokho sishaye ingwijikhwebu, kodwa sesizilungisile izinkinga ezibambezele izinhlelo zethu futhi konke sekuzosebenza.
“Ukubhaliswa Kwabahlomula Ngebhayomethrikhi kuza njengoba i-ejensi iqinisa imizamo yayo yokuthuthukisa izinhlelo zayo, ukuthola kanye nokusiphula ngempumelelo noma yiziphi izici zomgunyathi ekuphathweni kwezibonelelo zikahulumeni.”
- Ngokusho kukahulumeni babalelwa ezigidini ezingu-28 abantu baseNingizimu Afrika abathola izibonelelo zikahulumeni ngo-2025, nokumele cishe u-45% wabantu.

