Kudlule emhlabeni abantu abathathu kushayisana izimoto eDanhausser
Izolo ngabo 10h00 ekuseni kwenzeke ingozi ku Danhausser Road eduze kwase Danhausser eNyakatho yeKwaZulu-Natal, nokuyilapho kushayisane izimoto ezimbili kwashona abantu abathathu, kwalimala kanzima ababili.
Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bahlenga abakade belimele kanzima kodwa ngeshwa abantu abathathu baphelele khona endaweni yesigameko.
Sekuqalwe uphenyo mayelana nembangela yalengozi.

📸KwaZulu Private Ambulance Service

