Isalukazi esineminyaka engu-68 siquleke sashona ngemuva kokuzwa ukuthi umshana waso udutshulwe wabulawa, okusolwa ukuthi udutshulwe yiphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo, uCol Malesela Ledwaba, uthe iphoyisa, 48, elizinze eWitpoort SAPS, kusolakala ukuthi lidubule labulala umufi ngesikhathi kunengxabano eshubile esigodini saseBotsalanong.
“Emuva kwalesi sigameko esishaqisayo imibiko ithi ngemuva kokuphuthunyiswa esibhedlela umsolwa u-anti wakhe ezwa ngalesi sigameko, waya endaweni yesigameko wathi efika waquleka.
“Abezimo eziphuthumayo babizwe ngeshwa basho ukuthi ushonile endaweni yesigameko kwathi owesilisa washona efika esibhedlela.
Ngemuva kwalesi sigameko esishaqisayo, imibiko ithi ngemuva kokuphuthunyiswa esibhedlela umsolwa, u-anti wakhe wathola lesi sigameko, waya endaweni yesigameko wathi efika waquleka.
UCol Malesela Ledwaba, okhulumela amaphoyisa aseLimpopo
“Kuphenywa ukuthi yini edale ingxabano phakathi kukasayitsheni wamaphoyisa nalo mlisa,” usho kanje.
Ngokusho kukaLedwaba, bathole ngokuhamba kwesikhathi ukuthi umsolwa ubeye emzini wephoyisa eyombheka wangamthola. Wafika ekhaya nje umkakhe emfonele ethi kukhona omfunayo.
Iphoyisa lizinikele emaphoyiseni ngemuva kwesigameko kanti i-Independent Police Investigative Directorate iyaphenya.

