23 Apr 2026, Thu

Kudutshulwe kwabulawa abantu ababili abebebukele kubanjwa inkunzi imoto yemali eBoksburg

Kudutshulwe kwabulawa abantu ababili abebebukele ngesikhathi kubanjwa inkunzi imoto yemali eBoksburg

Amaphoyisa asekuqinisekisile ukuthi kudutshulwe kwabulawa abantu ababili abebebukele ngesikhathi kubanjwa inkunzi imoto yemali (CIT) kuBarry Marais Road eDawn Park eBoksburg, eKurhuleni, izolo ntambama.

IBoksburg Advertiser ibike ukuthi, ngokusho kokhulumela amaphoyisa aseGauteng uColonel Dimakatso Nevhuhulwi, kubikwa ukuthi imoto yemali ishaywe ngemuva iMercedes-Benz esiliva, nokuholele ekutheni iloli ligingqike ligibele itekisi iQuantum ebithwele abantu abayisikhombisa.

“Abagibeli abahlanu bathole ukulimala base bethola usizo lwezempilo, kwathi abanye ababili baphuma bengenamyocu,” kusho uNevhuhulwi.

Abasolwa abalinganiselwa kwabayisishiyagalombili babe sebeqhumisa ngebhomu imoto yemali base bebaleka nesamba semali esingadalulwanga.

“Kuqhume izibhamu phakathi kwabasolwa namalungu enkampani yonogada eseduze [eyasabela] esigamekweni,” kusho uNevhuhulwi.

Ababili abebebukele babanjwe oqotsheni bahlonzwa beshonile endaweni yesigameko.

Amaphoyisa anxuse umphakathi ukuthi ungasondeli lapho kugetshengwa khona i-CIT noma uzame ukuqoqa imali ehlakazekile ezimotweni, ngoba lokhu kuyingozi enkulu.

UNevhuhulwi uphinde wakhumbuza umphakathi ukuthi uhlale uqaphile futhi ubike noma yiziphi izenzo ezisolisayo noma zobugebengu kwaSAPS Crime Stop line ku-08600 10111.

Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka.

Okhulumela iDisaster and Emergency Management Services (Dems) eKurhuleni, uWilliam Ntladi, uthe abezicishamlilo baphendule eVosloorus nabasebenzi abayisithupha namaphoyisa amabili.

Uthi ngesikhathi befika kusha imoto yohlobo lweMercedes-Benz abantu bedindilize ngaphesheya komgwaqo.

Isakhamuzi, esicele ukuthi igama lakhe ligodlwe, sitshele i-Boksburg Advertiser ukuthi besisebenza engadini yaso ngesikhathi sizwa ukuqhuma okukhulu okubili.

“Ngibe sengizwa kuqhuma isibhamu, ngagijima ngangena endlini ngokushesha. Ukudubula kwaqhubeka cishe imizuzu engu-13. Bekukubi kakhulu,” esho.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *