Owesifazane (62) utholwe ebulewe efulethini laseMossel Bay
AMAPHOYISA aseMossel Bay avule icala lokubulala nelokweba imoto kulandela ukushona kowesifazane oneminyaka engu-62 kuCrook Street ngasenkabeni yedolobha izolo.
IMossel Bay Advertiser ibike ukuthi okhulumela amaphoyisa aseSouthern Cape, uSergeant Chris Spies, uthi amaphoyisa abetshalwe efulethini lesisulu e-Ocean View ngezithuba zabo-11:00.
Kudingeke ukuthi bavule umnyango ngenkani bathola isidumbu sikamufi sinenxeba elivulekile entanyeni.
Abezempilo baveze ukuthi ushonile endaweni yesigameko.
Ongoti bezigameko zobugebengu bahlole leli fulethi ukuze bathole umkhondo, kwathi uphenyo lwaholela amaphoyisa kuMoonie Street KwaNonqaba, lapho imoto kamufi yatholwa ilahliwe.
Izinhloli zithi kungase kwengezwe amanye amacala njengoba kuqhubeka icala, kodwa umsolwa usagcwele amathafa.
Imininingwane kamufi ibingakadalulwa.
Onolwazi uyanxuswa ukuba athinte umphenyi wecala, uWarrant Officer Francois Pick, ku-079 893 9937 noma athinte iCrime Stop ku-08600 10111.

