UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlanhla Mkwanazi, uzoba ngufakazi wokuqala ozosukuma uma iKhomishana kaMadlanga ephenya ngobugebengu, ukugxambukela kwezombusazwe kanye nenkohlakalo emaphoyiseni e-SAPS iqala ngoLwesithathu oluzayo, 17 September 2025.
Icala lizoqhubekela ePitoli.
Lokhu kuqinisekiswe okhulumela ikhomishana uJeremy Michaels ngesikhathi ethula umbiko mayelana namalungiselelo ophenyo.
Ngokusho kukaMichaels, kuxoxiswana noMkhwanazi, usegodliwe.
Ekuqaleni, ukuqulwa kwamacala kwakumele kuqale mhla lulunye-1 kuMandulo, kodwa izindaba zokuthengwa kwempahla yezinhlelo ze-IT nengqalasizinda zidale ukuhlehliswa kokulalela.
Kodwa uMichaels manje uyaqinisekisa ukuthi zonke izinhlelo sezimi ngomumo ukuze ikhomishini iqale.
“Njengoba sekuphothuliwe ukuthengwa kwempahla, ukuqeqeshwa kanye nokuhlolwa, amalungiselelo ahamba ngendlela. Kuze kube yilapho sesiqiniseka ukuthi izinhlelo zisebenza ngokugcwele nokuthi amarekhodi ethu omphakathi angagcinwa ngokuphephile, asikwazanga ukuqhubeka ngokuzibophezela kulawo malungiselelo,” eqinisekisa.

