19 Apr 2026, Sun

Uzibulele umfundi owatshelwa wuthisha ukuthi akazithandi futhi akagezi

Uzibulele umfundi owatshelwa wuthisha ukuthi akazithandi futhi akagezi

Ugcine ekhethe ukuthatha impilo yakhe uNonhlanhla Kheswa obefunda esikoleni samabanga aphezulu iDaveyton High eGoli kulandela ingxababo abenayo nomunye umfundi okudingeke ukuba kungenelele oThisha.

Labafundi babe nengxabano kuyi conference call akwangaphela lapho, kuthe sebehlangana esikoleni lengxabano yaqhubeka, kube sekudingeka kungenelele oThisha nokuyilapho kuthiwa uThisha oyedwa ube esekhuluma noNonhlanhla ethi uyahlupheka, akagezi futhi ungcolile.

Lomfundi ukuphuma kwesikole ube eseya ekhaya wafika wabhala incwadi ezwakalisa ubuhlungu abuzwile ngamazwi kwaThisha ube esezibulala.

Umphakathi uthe namhlanje uzovukela esikoleni ubhikishela ukususwa kwalothisha.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *