24 Apr 2026, Fri

Zingaphezulu kuka-80 izikhulu zokuhlunyeleliswa kwezimilo ezithintekayo ekufeni kweziboshwa emajele

Zingaphezulu kuka-80 izikhulu zokuhlunyeleliswa kwezimilo ezithintekayo ekufeni kweziboshwa emajele

Ukubulawa kwabantu nokudliswa ushevu kungezinye zezimbangela zokushona kwabantu ngokungesiyona imvelo emajele akuleli

UMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo utshele iPhalamende ukuthi iKwaZulu-Natal iqophe ukufa kweziboshwa eziyisishiyagalombili onyakeni wezimali odlule.

Kuzwelonke, leso sibalo sesikhule saba ngaphezu kwamacala angu-400 kusukela ngo-2022,kanti kumanje asaphenywa.

IPhini likaKhomishana uDkt Riaan Botha uthi zingu-88 izikhulu ezibekwe amacala.

Uthi ukuzibulala kanye nokusebenzisa ngokweqile izidakamizwa ngezinye zezimbangela ezinkulu.

“Kunobudlelwano obuqondile phakathi kwezimo zokugcwala ngokweqile kanye nezigameko zokuphepha.”

UBotha uthe kuyakhathaza kakhulu ukukhula kwesibalo seziboshwa ezishona ngenxa yezizathu ezingezona ezemvelo ezikhungweni zokuhlunyeleliswa kwezimilo.

“ Ngo-2022/23, zifinyelele ku-42, kwase kuba nokukhula onyakeni wezimali olandelayo, u-2023/24 kuya ku-48, kanye no-2024/25 kuya ku-55. Lokho kusho ukunyuka ngo-30.9%, ngakho kuyashaqisa.”

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *