Kushone izingane ezintathu engozini yetekisi eMgungundlovu
Ngokusho kukaLuthando Msomi, uthisha wasenkulisa ofike kwenzeka lesi sigameko uthe bezwe kukhala itekisi.
KUSEMBULWENI eMbali unit 18 e-Edendale izidumbu zezingane ezintathu zikhishwa emfucumfucwini yenkulisa ngesikhathi itekisi ebeziya ngayo esikoleni iphaphalaza yaphaphalaza yayoshayisa inkulisa ngoLwesine ekuseni.
Ngokusho kukathisha uLuthando Msomi ofike kwenzeka lesi sigameko, bezwe kukhala itekisi baphuthuma ukuyosiza.
“Ngisanda kufika ngabona okwenzekile, ngazama ukuthola usizo ngaqala ukusiza izingane, zikhala zicela usizo,” kusho uMsomi.

