24 Apr 2026, Fri

Umphakathi ucekele phansi amahhovisi kamasipala eMondlo washisa neTLB

Umphakathi ucekele phansi amahhovisi kamasipala eMondlo washisa neTLB

Umphakathi ucekele phansi amahhovisi kamasipala eMondlo wawashisa ngesikhathi kubhikishwa, kwaphinde kwashiswa neTLB.

Mukhulu umonakalo osale eMondlo Vryheid eNyakatho yeKwaZulu-Natal ngaphansi kukaMasipala wabaQulusi.

Amalungu omphakathi acekele phansi ingqalasizinda nempahla kaMasipala wabaQulusi.

Intukuthelo idalwe ukunqanyulwa kukagesi okubizwa ngokuthi i-Load Reduction .

Ukwehliswa kwemithwalo (Load Reduction) kuvame ukwenziwa ezindaweni lapho abantu bengawukhokheli khona ugesi.

Umasipala wabaQulusi awukasikhiphi isitatimende esisemthethweni emphakathini kuze kube manje.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *