23 Apr 2026, Thu

Amaphoyisa aseMilnerton ashaqe izidakamizwa zenani lika-R900 000

Amaphoyisa aseMilnerton ashaqe izidakamizwa zenani lika-R900 000

Amaphoyisa athole imininingwane ngezidakamizwa ezidayiswa endaweni.

Kuthe uma bephenya, bama basesha imoto nomshayeli eCentury City.

Okhulumela amaphoyisa uFC Van Wyk uthe umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseKapa uma esethweswe icala.

“Umsolwa ube eseyiswa lapho ehlala khona ePinelands, lapho kutholwe khona inqwaba yezidakamizwa, nemali engadalulwanga, okukholakala ukuthi iyimali yobugebengu. Ilinganiselwa ku-R900 000 imali yasemgwaqweni yalezi zidakamizwa.”

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *