Kushone izingane ezimbili ngenxa yokuxhunywa kukagesi ngokungemthetho emijondolo yasePitoli
Izingane ezimbili zishone kabuhlungu ngenxa yokuxhunywa kukagesi ngokungemthetho emijondolo yasePitoli entshonalanga
Izingane ezishonile ngu-Ofentse Mfumadi noPhemelo Ngema kanti bobabili bebeneminyaka engu-7 ubudala
Ngokubika kwe Daily Sun, ngoMgqibelo, 13 Septhemba, u-Ofentse Mfumadi (7) nomngani wakhe uPhemelo Ngema (7) babedlala emijondolo yase-Iscor ngesikhathi kwenzeka le nhlekelele.


Kuthiwa umphakathi uthole lezi zingane zidindilize phansi wabe usuziphuthumisa esibhedlela sendawo, zafike zashona.
USinethemba Ngema (26) uthe indodakazi yakhe uPhemelo ibifunda uGrade 1 eMatseke Primary School e-Atteridgeville, eTshwane.

Uthe isigameko senzeke ntambama, izingane zashona ngesikhathi zifika esibhedlela.
Umndeni ucela usizo lokungcwaba intombazanyana yawo.
“Indodakazi yami ibidlala nabangani bayo ngesikhathi ishaywa ugesi ongekho emthethweni. Indodakazi yami yashona nomngane wayo omncane, u-Ofentse. Ngihlukumezekile. Uyena yedwa intombazane yami. Bengidonsa kanzima ukuyikhulisa,” esho.
Wathi indodakazi yakhe yayingumngane wakhe – bachitha isikhathi ndawonye futhi balala ndawonye.
“Indodakazi yami ibithanda ukudlala imidlalo ku-smartphone yami,” kusho yena.
USinethemba uthe uPhemelo uzofihlwa ngoMgqibelo, 20 September 2025, eZebediela, eLimpopo.

