23 Apr 2026, Thu

Kuzobanjwa inkonzo yesikhumbuzo yezelamani ezintathu ezashona kusha umjondolo eTembisa

Kuzobanjwa inkonzo yesikhumbuzo yezelamani ezintathu ezashona kusha umjondolo eTembisa

Inkonzo yesikhumbuzo yezelamani ezintathu ezashona ngesikhathi kusha umjondolo eTembisa ngoMgqibelo ekuseni izoba ngoLwesithathu.

Lo mlilo uhlasele ikhala labo emijondolo yasePhumasilwe.

Isikhumbuzo sizoba seSedibeng Primary School eTembisa, eKurhuleni.

Lezi zelamani ezintathu, ezineminyaka engu-17, 15 no-13, bezisele zodwa ngesikhathi kuqubuka umlilo.

Lo mlilo uphinde wacekela phansi umjondolo nezimpahla zabo kodwa akucaci ukuthi yini edale umlilo.

UNdunankulu waseGauteng uPanyaza Lesufi uzobe ekhona.

“UNdunankulu uzohlanganyela nomphakathi waseTembisa, abafundi, othisha, nomndeni wabashonelwe ukweseka nokuzwelana naye ngalesi sikhathi sosizi nokulahlekelwa,” kusho okhulumela uNdunankulu, uSizwe Pamla.

Umama uboshiwe wabekwa icala lobudedengu bengane.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *